[zulu, Inkondlo] Ungabo Khathazeka Ujule Isikhathi Eside Kakhulu Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Ungabo Khathazeka Ujule Isikhathi Eside Kakhulu

Ungabo khathazeka ujule isikhathi eside kakhulu
Ubunzima kanye ne zi nhlupheko zadalelwa
Ukwenza uhambo lube nesithunzi
Kuncono uvele uM’dumise, uM’bonge
Phela bekungaba kubi kwedlule lokhu okuyikho
Umuntu ungumphefumulo ophilayo
Akehlukile kuwo uMoya ka Thixo
Futhi uyi ndodana yom’hlabathi
Nje nge zihlahla, kanye ne zilwane zasendle
Isondo liya jika jika
Phezulu emagqumeni namuhla
Phansi emaqeleni kusasa
Kodwa ungu Nkulunkulu emagqumeni
UnguNkulunkulu emaqeleni
UnguMqondisi ehlane
Ngakho uze ungazi khohlwa
Ukuthi wena ungubani, wavela kuphi, wavelelani

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success