Akavumi Poem by Lungelo S. Mbuyazi

Akavumi

Zimbongi zakwethu,
Nonke ngothi lwenu,
Ngiyacela, ngilekeleleni.
Nginek' udab'ol'senhliziyweni:
Ngihlushw' imizwa yothando
Ngentokaz' enhl' engiy'thandayo.
Sengenze konke kodwa kayivumi.

Lapho ngimbon' inhliziyo
Yami ngamandl' ishaya kancane,
Im'zuzwane iphenduk' amakhulu;
Laph' engibuk' akabukek' uyakhazimula,
Ngamehlokaz' akh' acwazimulayo,
Inhliziyo yami igcwal' amanzi;
Lapho ekhulum' ingqondo
Yami kayikholw' unqambothi;
Lapho elubek' akanyatheli,
Uyatelebhel' umhlab' umthobele.
Ngize ngizenyeze: angimfanele.

Ngiphen' amagam' afanelekile,
Ngiwenek' enhliziyweni yakhe,
Ze aqonde, ngiyehluleka
Ukuzibamba ngizithibe;
Njengosawot' es'londeni,
Imizwa yothando iyangidla;
Njengolwemb' inhliziyo yam ngiy'nekile
Yahlal' engqondweni: inhliziyo kayibambeki.
Sengizamile kodwa akavumi.

Abomndeni nabo sebeng'vumile,
Kodwa inhliziyo yakh' kayizanywazanyiswa.
Esiphong' indoda yempela bay'bonile,
Kodwa inhliziyo yay' kayibambeki.
Bayazisile amagalelo ami kwezolimo
Nokho bebewathel' emhlane wedada;
Sebezamile kodwa kayivumi.

Abangane nabo bangenelile,
Ngomlilo wothando bambaselile.
Bangembulele, ing'thandile
Nokh' imizwa yothand' icambalele.
Ngenjenzani? Ngilam'leleni.
Le ntokazi intokazi uqobo,
Le ntokazi ngiyithandile.
Sengizamile kodwa lutho umasiza.

Izinkondlo zothando, ngimhayelile,
Zavakashel' iziqhomo, ngimbonile;
Njengesosha ngaqin'idolo, ngakhuthazela.
Njengedwala inhliziyo yakh' iqinile.
Njengonwabu amagalel' ashintshashintshile;
Nokho wonk' ashafile: kayivumanga.
Ngihlushwa imizwa yothando,
Intokazi engiy'thanday' ingalile.
Zimbongi zakithi, ngisezeni
Ngamazw' athambile ze
Ngidambis' inhliziyo yayo.
Sengilwile kodwa akavumi.

Wednesday, November 15, 2017
Topic(s) of this poem: sad love
COMMENTS OF THE POEM
Lincoln 26 June 2018

This is a cool poem that shows how both two parties are determined to hold on...fine write

1 0 Reply
Lungelo S Mbuyazi 26 June 2018

Thanks Man for such kind comments on this poem. Much appreciated

0 0
Simon 25 June 2018

This is really good poem.. and it's also worth taught in schools

1 0 Reply
Lungelo S Mbuyazi 26 June 2018

Thanks Simon for those nice comments. Much appreciated

0 0
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success