Buyi Ndidane Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Buyi Ndidane

Rating: 2.5

BUYI NDIDANE EVAME UKUDIDA ABANINGI

(Diona sithandwa sami
Diona uwena ubambo lwami
sohlala njengamajuba Diona sithandwa sami.) (singing
his song)

buyi NDIDANE EVAME UKUDIDA ABANINGI
nokuhamba kwakho kwasishiya sididekile
imiqondo idungekile
ngempela nami ngsazbuza kungani umdali ekuthathile?
akadelanga yini ilamaqhawe awalandile?
Mhlawumbe inkosi ibisikufuna emazulwini
kodwa ayibonanga ishiye izinhliziyo ezingakhi eziphukile
emoyeni
cishe uMzanzi Africa wonke izinyembezi zigeleza
emehlweni
asigebiseni amakhanda simkhulekele ukuthi ahambe
ngokuthula emhlabeni
emlandweni wamaqhawe asisoze salikhohlwa igama
lika Mtshengiseni
ithalente abelifumbethe esandleni
belijabulisa wonke umuntu kuyamangalisa namhlanje
usuhambe nalo wyo ngena ethuneni

buyi NDIDANE EVAME UKUDIDA ABANINGI
nokuhamba kwakho kwasishiya sididekile
imiqondo idungekile
kuthiwa kuyohamba izinsizwa kuyosala izibongo
kwezethu izinhliziyo awukabi umlando
ngoba wawungakaze usitshele mhla udlula ukuthi ubani
oyovala iskhala sakho
sengiyoziduduza ngomculo wakho
lo busigabisela ngawo
yaz nje ngthe ngyaqala ngyawunambitha
ngalandela iphimbo lakho ngabuya ngilambatha
kuyimanje angikholwa uhambe ngempela
phela wena buyisibuko ebengkade ngizbuka ksona
ngithi mangqeda Vum Vum
Vum Vum ilift eyezulwini uyigibele kahle
abazali nezihlobo bakhalile
mculo wakho busiduduza emoyeni
okunye buskhipha ezinsizini
ubuyinkosi emakhosini
ngibhala lenkondlo nje inhliziyo yami idwanguza
ebumnyameni
idlala usizi osishiye nalo kukhala ngisho izimfamona
thula moya usehambile
empeleni akekho oyofana naye
bazinkulungwane abazozenza yena kodwa ngeke bafike
kuye
lomgodi awugumbile akekho oyowvala

buyi NDIDANE EVAME UKUDIDA ABANINGI
nokuhamba kwakho kwasishiya sididekile
imiqondo idungekile
ngisho sonke besesijabule phela bese buyile uDiona
kube sabona
khona okuzolandela bengizoguqa ngedolo ngixoxe
nomdali
ngicele ushwele sekwanele
yebo kubuhlungu uhambile
nokufa kukunqobile
nathi bengeke sanqaba uma inkosi isivumile
R.I.P MTSHENGISENI GCWENSA

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Rest in peace Qhawe
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success