Ekujuleni Kwenhliziyo Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Ekujuleni Kwenhliziyo



EKUJULENI KWENHLIZIYO YAMI

waze wakhohlakala mtanomuntu ngothando
ngoba loluthando lwakho seluphenduke intando
oAmanda no Ziyanda sebevukwa yinzondo
phela thina indlela esenza ngayo ungaze ufunge ukuthi
kuma Metro eyethu sizoythola indondo
aibo mtakwethu ngyajoker
buka lezi shimane zithi nghlulwa wukujola
sponono sami wena shukela wami
hlala lapha uzwe umsindo wempophoma
yizwa nezinyoni zisacula leyo ngoma yothando
ethi sizi nyoni thina sizi nyoni syahlala syagxuma sizi
nyoni
nami ngithi sizithandani thina sizithandani ku nzima
noma ku worse sizithandani
abanye bayabuza ukuthi njengoba sindizela kude
sizithandi?
Lowo mbuzo ngiwushaya indiva ngoba nawe awazi
ngkuthandani! Aw muntuza
sitshupuluza sami angani uletha ukukhanya empilweni
yami
yaziubuhle bakho bufana ne mbali
angazi umama yini engakuqambanga ngokuthi uMbali
njengoba ngkhulele emakhaya inhloso yami ukjabulisa
usbali
yebo kona sibancane kodwa ezinsukwini zothando usize
Mdali ungasilibali
yazi amehlo ami asekuqalazile kepha angakufumani
ngisho ubuthongo angisabulali

STHANDWA SAMI KANTI UKUPHI
KUNINI NGKUFUNA KODWA NGINGAKUFUMANI
NOMBEZA BUSUTHI ASYEKE KEPHA AWYEKEKI
UMQONDO MAWUKUCABANGA UYAKHUBAZEKA
UVALO LWAMI MALUZWA NGEGAMA LAKHO LUSHAYA
NGAMANDLA
KYACACA USEKJULENI KWENHLIYO YAMI

angandile ngezinkondlo zothando bengcela ungvumele
ngibe yimbongi yakho
musa ukukhophozela mtakwethu ngeke ngdlale
ngothando lwakho
kepha ngifuna ukukhombisa laba abazenza izkhokho
laba abagqoka amasokisi ebhola bathi baqhuba
umswenko
bengcela ungabalaleli akuve benamanga labo
okungcono lala kulesifuba sami
usizwe asihlukile yini nomqamelo wakho
besengcela ungabi yiqhalaqhala bazokuqalaza
oQalindaba kunini beluqalekele uthando lwakho usize
ungabaqomi bayakuqhaskha benjalo abasena qiniso
oQiniso
ngikutshela iqiniso mina ngawe angizwa mshini
noma ungaduma ekhanda angsenandaba
yazi sengfisa ukwazi isdakamiswa owangdlisa sona
ngoba phela uthando lwakho selufana nomuthi
kadokotela
izwi lakho seliya jova
phela wena usuyangvova
ngoba ngangithi ayikho intokazi engiyoyithanda okudlula
umama
sengcela abakhokhela bazongthandazela nali idimoni
lothando lingehlula
ngoba ngisho ngcabanga ngcabanga yena
izindlebe zami zizwa yena
sino thisha we history sike saxabana
ngoba ngimane ngadabula uhi ngafaka uyena
incwadi yami isiyaba uyena story
sengbonile uyena uyena oletha ukujabula empilweni
yami

STHANDWA SAMI KANTI UKUPHI
KUNINI NGKUFUNA KODWA NGINGAKUFUMANI
NOMBEZA BUSUTHI ASYEKE KEPHA AWYEKEKI
UMQONDO MAWUKUCABANGA UYAKHUBAZEKA
UVALO LWAMI MALUZWA NGEGAMA LAKHO LUSHAYA
NGAMANDLA
KYACACA USEKJULENI KWENHLIYO YAMI

qagela mhla ngahlukana nawe kuyoba njani
iwill choose to kill my self than commited suicide
lol
yabonake usuqalile futhi nale charming smile yakho
lengshaya ngdinwe idolo
kodwa ngkuthandile kunzima
sengibangwa nezibi kepha inhliziyo yakho sthandwa
ngayifihla ekhosombeni
yona yehla njalo yaze yafika ekujuleni kwenhliziyo yami
phela masixabana kumane kuqaqambe imijuju yami
mawuduba uhamba ngmane ngshawe luvalo
inhliziyo ishaye ngamandla ngizizwe ngvukwa isifo
sikashukela
nonembeza ungsongela
uthi uma ngkudedela nawo ukphila kwami uzokdedela
kodwa ngiyazi ngeke ukwenze lokho
phela mina sengfuna ube wunkosikazi
osyazi ubashaye engeqiwa ntwala
nabo bangazi udlule kanjani kweyabo inhliziyo kugcwale
usizi
kosnayi abakade bethi banolwazi
bethi wena bazokthatha bangananazi
ngcela ubazibe engathi awbazi
uma usuhamba nalo mfana wasemlazi
uthando lwakho kimi luyisibusiso
njengoba ngikuthandile mina ngeke ngkulahle noma
ngabe ukufa kunginqoba kuyobe kufezeke izfiso
zabathakathi
kanti vele ukuphi?
Ngoba mangikufuna angkufumani
unembeza uthi angkushaye ngomzimba akwenzeki
umqondo wona suyakhubazeeeeeeeeeeeeeeka
uvalo lushaya ngamandla
kyacaca usekujuleni kwenhliziyo yami

POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success