Engimkhonzayo Uyaphila Poem by cebolenkosi kubheka

Engimkhonzayo Uyaphila

Rating: 5.0


Noma izithukuthuku zami
seziwela phansi okwenja
noma sengikhale zoma
kodwa ngiyazi umnkenenezo
wephimbo lami usewuzwile ongaphezulu
izinyembezi zami akasoze azishaya indiva

noma sengiphenduke ihlaya elihlekwa abaningi
ngethela umama ngehlazo
uma ukuhluleka kwami sekuphenduke intunja
izitha ezingena ngayo
kodwa amehlo ami angiwasusi kuye
uma nje ngisawuphosa umbalane ngiyogcina ngisukle othulini

khona iphutha abalenzayo
bangibheke ukuthi ngikuphi namhlanje
bakhohliwe ukuthi izolo bengikuphi
ukusebenza kwamehlo abo kufinyeziwe
bayahluleka ukubona ukthi ngisakhokha umoya
kodwa kusasa ngizobe ngingekha la
sebekhohliwe ukuthi engimkhonzayo uyaphile
uke watakula abanye phambilini
pho uthi mina uzongiyekelani?

uma avusa uLazaru ekufeni,
pho uthi ukungisusa othulini kuye bekuyini?
uma asindisa uDavide emlonyeni wengonyama,
pho uthi mina angengisindise kulesimo engikuso?
uma akhipha abanwana bahe eGibhithe,
Pho uthi mina angangiyekelela?
uma akuzwa ukukhala kwabanye, walubona usizi lwabo, Po uthi mina ngingabhubha ekhona yena?

Lesehlo esingehlele sengisindlulisile ingani ngiyazi yena ukhona
Khohlwa! ngeke ngikhale
ingani ngiyazi ngingomunye wabakhethiweyo bakhe
ngizomamatheka noma SEKU NJE!
ingani ngiyazi akafuni lutho ngami
anginalutho manje kodwa ngiyazi mkhulu umvuzo ami la engiya khona
ngiyekele ngiveze amandla ami ingani ngiyazi
lapho kuphela khona awami
yena uyangenelela aveze awakhe

Friday, November 13, 2015
Topic(s) of this poem: christ,christianity,faith,god,prayer,trust
COMMENTS OF THE POEM
Kumarmani Mahakul 13 November 2015

Christ shows ultimate path of truth, trust and life for universal unity. A very wisely drafted thoughtful poem really...10

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
cebolenkosi kubheka

cebolenkosi kubheka

Newcastle (KwaZulu Natal)
Close
Error Success