HAPPY BIRTHDAY
ngibhala lenkondlo inhliziyo iyagxuma gxuma
umphimbo uyoma
nami njenge mbongi ngthe angke ngisike elijikayo
ngaleliqhawekazi elizalwa namuhla
ngithe ake ngithi qephu ngawe maGasa
yaz bayazala abanye omama ngisho ngoba ushaya
ngobuhle obushiya olova bebalisa
nezenzo zakho zinhle ziyamangalisa
phela wena
phela wena uhlukile kwabanye
akujwayelekile ukuthi umuntu omuhle aphinde
abenenhliziyo enhle
ngabe kungcono ukuba waba uNobuhle
ngezenzo nje ingakho ngithi
HAPPY BIRTHDAY TO YOU
ukhule ube nomusa uze uyongena ethuneni
ube nosuku olumnandi usize ungangeni ematshwaleni
ngyethemba uzothemeleza nabazali enjabulweni
mina ngbhala lenkondlo ngsezntabeni
ngyethemba soze wangikhohlwa mngani
ntokazi engekho mhlophe kodwa eshaya ngobuhle
obudlula obuka Nandi lo ozala uShaka
ngisho no Rihanna phesheya uyabubaza ubuhle bakho
ngabe kungcono kube bonke abantu banje ngawe
kodwa angsukumi nokuningi
mina ngisukuma no
HAPPY BIRTHDAY TO YOU
noma ungasakhulanga ukhokhobe
uMdali akwandisele izinsuku ekujabuleni kwakho
azinciphise ebubini
phela wena awufanelwe ukuphukumoya
kodwa ke angikho lapho
nami bengthe angsike elijikayo
ngomngani onothando
ngphinde ngicacise ngomngani onothando
mina ngyakupha isicoco
neyami inhliziyo ithi cosololo
phela inhliziyo yami isikukhiphile ekuzwa ngelinye
iqhawekazi
elinothando lomzali
kodwa lingakazali
angingabazi usuku lwakho luzoba indumezulu ntombi
yase Mlazi
kona angsukumi noku ningi ngsukuma no HAPPY
BIRTHDAY TO YOU
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem