Igomondela Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Igomondela



Angisazenzi sengenziwa uthando
Olwangthumela ezizweni ukuba ngbuye ngthwele
induku enhle ngsola engathi ngtheze olunenkume
Kwakukuhle kukikizwa namuhla ubaba ukhala
ngeznkomo zakhe ezamuka namanzi ngenkathi
nglobola wena uthi ngigane ukufa
Ungkhipha inyumbazane njalo mase kuhlwa dali
ngenzeni
Noma ngabe ubuswa intando negomondela kodwa
xola akyona indlela yokuphatha indoda emzini
Uyazi ngikthanda nangesbindi ufakazi usizi engiba
nalo mase ushawe omnakwenu ematshwaleni
Uhlulwa ukubonga nje umzuzwana kulungile hlez
awfundiswanga ekhaya kodwa uthini
ngalezinyembezi ezishaya ishameni emehlweni
Ngintandane emsulwa ukthanda ngikqale ngawe
emva kokuba ngphiwe ithuba lesbili empilweni
Noma umzimba ungasathandi sengqhutshwa
uthando olwathi luyokthanda kuze kfike ekugcineni
ethuneni
Phenduka ubuke isandla emoyeni sihamba
nenjabulo emehlweni
Okusho kona sengkuxolele emaphutheni
Uhlulwa yin ukwenza engkwenzele kona
Kungani mina njalo kuwe hleli ngona
Kwalona lelo phutha elaziwa uwena
Abanye bathi angkuyeke ngyabatshela impela nami
madoda angizenzi ngenziwa uthando olunentando
phakathi
Mangingavikanga amagama
Ngvika izinhlamba
Kube unamandla ngabe uyangshaya
Kanti uyongkhumbula sekungqoqa ukufa
Intando yakho senghamba nayo Hulumeni wothando
bonke bayobe sebekunqaba
Nami ngangithi ngizkhipha zphelele kanti
ngizmukisa no Mfula
Kukhala unkombose kababa phesheya kwethuna

Sunday, May 20, 2018
Topic(s) of this poem: love,sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success