Indlela Yothando Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Indlela Yothando



Mtaka baba ungaykhulumi eyothando
Angfuni nokuyizwa yangshiya ngdangele
Intombi yebhaca
igama kwakunomabhaca
Bengazwani nezcathulo ezambela ngophaca
Emoyizela kuvele ezinye izfaca
lapho nganghleli ngiya ngakuye njengemoto
ngizshayise ihlaya khona ezomamatheka
lapho ekamamphemba yayichazeka
Emuhle umtakwethu enganyatheli nangabantwana
behambela phezulu phela ingelosi leya
Enezwi elimtoti ngathi ugeza emanzimtoti
Ngisho lo ngyomthanda noma bethi wikhiwane
eligcwele udoti
Ngingenandaba Thabiso
Phela elami iso lalihleli lithe njo kuye
Yazi mukhuluma indaba yothando
Ngempela mina ngzonda uthando
Uthando olwangvala amehlo ngathi mangwavula
intombi yebhaca yayisithela ngale kwamathafa
Ngazama ukuylandela
Endlelen lahamba khona umyalezo awbhala
ngawthola
Wawusho sthandwa sami sasemazweni akazulu
Ngiyazi ube qotho kimi
kepha umuntu onjengami akakufanele neze
usuyosala kahle ekabhaca intombi isaya le
ezngolweni iyolungisa impilo
makwenzeka ilunga ngyobuya ngelosi yami
yothando
Mingalunganga ungazgxeki
Ugxeke mina ngokuba nezimfihlo
Nencwadi angiyqedanga ngase ngjaha ukufika kuya
wathi eseyositha waphakamisa isandla
okukhombisa ukuthi uhamba ngempela
Ngath ngyakhala wangdida ngokuncuma ngaznika
ithemba lokuth uzobuya
Wajubalala kanjalo nekhumbi iyodlula eshepstone
Kuze kube inamuhla ngsalindile
Yena angimgxeki ngigxeka uthando lwenkohliso

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: sad,sad love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success