Isthandwa Sami Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Isthandwa Sami



Ungbambe isandla wangbuka emehlweni
Wathi ngthembise ingane zami uyozphatha kahle
nase bunzimeni
Dali uqondeni?
Ngbuza nezinyembezi ezishaya iskhalanga
emehlweni
Ngibuza nje ibhasi ngyalbona libhalwe ukuthi
sengyemazulwini
Ngayincenga inhliziyo ifuna ukuyozphonsa
emajukujukwini
Ngethemba lokuthi akekho oyofana naye empilweni
Uthunjana ka sthandwa UNTABA KAZIDILIKI ZESABA
AMAHLAZO zingkhumbuza yena angkhulumi
mesezolala esfubeni
Ebuza ngabe umama uzosbheka nje hla angena
ethuneni?
Ngphendule ngokumduduza unyoko uzophila ngyazi
ngamkhetha kweziningi izintombi
Ungathuswa ukuvakasha kwe hora losizi
Impilo injalo kwesinye iskhathi isidlulisa eduze
kwethunzi lokufa ungakhali
Angahamba ngokwenyama nomphefumulo kodwa
ungakhohlwa waloba wena njengesthombe esiyoba
umlando Thunjana wami
Nawe kufa awuzcuphi izkhala ngosuku lwezthandani
Wavele wathatha yena nje emhlabeni
Uthi angsale nobani

Ziyehla ziyenyuka izinyoni zezulu
Kukhanya isbhakabhaka ingelosi azifakanga
unenhlanhla umtakwethu ulandwe uNkulunkulu
Usuku lwezithandani lwangalonyaka lungfundise
lkhulu
Ukuthi akyona injabulo kphela nesililo siyaba
indumezulu
Kangakanani nezngane zami zisho okfanayo ubani
ozothulisa omunye ngoba nami nglahlekelwe
Abanye bathi indoda aykhali kanti yaqhuma etsheni
yini?
Ulala kahle sobonana kwelizayo ihubo lenduduzo
kimi kuyefana akwenzi mehluko
Kanti nokubuka isdumbu sakhe ngethemba lokuthi
uzobuya kuyefana akwenzi mehluko
Uthuli othulini izulu libe yibhoholo ngokukuthatha
ngaphandle kweyami imvume
Ngiyihlaya ngakini ngizilele umfaz'
engingamzekanga
Lezinkomo ezigcwele isbaya ngfisa nokuzmukisa
ngomfula ngoba nganglinde iskhathi esihle
Kanti nomdali ukuhlelele ikhaya elihle
Nginombuzo nje ongphula umoya njengoba ezulwini
fane ube nekhaya wena mkami uyoba umfaz'
kabani?
Ngidlala iskhwele nenkumbulo egcwele ekhanda
I valentine ilanga lokvuselela uthando
Cela uhlale noma usuku olulodwa namuhla ngzolala
eceleni kweliba lakho
Ngfuna ukukutshela ukwasuka sukela ngesoka
lwaka Ncedo omhlophe

Wathula ngempela Dali wami
Ngakculela iculo elimnandi wangaphendula
Ngafunga ngzoziphatha kahle izingane
wangamamatheka
Angeke ngsole abathakathi wena bungenasitha
Cambalalake somtwana vele umhlaba uyasincikisela
Isneke sakho yiso engzophatha kahle ngaso ingane
zethu
Ngzoziphelezela ngisho ziya eskoleni khona
ngizokcabanga kahle sengihamba ngedwa
Ake uvele njengemfaniswano emafini
Kuyenzeka kubelungu emafilimini
Ngyazi usahamba nami themba lenhliziyo
Ukufa kuzishaya isfuba ngokubeka induku ebandla
Usathane ushaya uzamthilili alsekho igugu lakhe
Umona ifa lezinja ezingena mazinyo zikhonkotha
ngisho seziwdlile umqhudelwano
Ulaka lwamabhubesi phephisa nami bengingazi

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success