Iseqa Mgwaqo Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Iseqa Mgwaqo



Ythathe mtanami lemali angsydingi
Wingane kabani wena engcole kanjena?
Sengkukhulise kangaka kanti ngkukhulisela
ukungenza ihlaya
Uyazi ukhule laykhaya udla imbuya
Waphasa umatikuletsheni wathi ethekwini uyofunda
Kodwa sekungicacele ulibele ukudlala
Unamanyala adlula uzodwa webantu nakhu
ngilingwa
Izithombe zakho zicwele lonke ifafa
Mina la angzalanga amathumbu abola
Ungusathane uphila waze wangphoxa
Makukuthi iyona ndlela osebenza ngayo le ngeke
kulunge thatha imali yakho
Ziyafunda zihloniphe izingane zigane
Wena uyaphuza ulale
Ububha ubuphethe ngesandla uthelela ingane
zabantu uthi ufuna imali
Sukhohlwiwe yini ngathini kuwe?
Akaze ngkutshele yini imali iyona mbangela yokufa
kwesizwe
Ngemali nje ungaba undabuzekwayo emanyaleni
Uzalwa ubani wena unokungcola okunje
Ngisho kuZibandlela uyayiziba indlela eza kini
Uthembise iphasika ujike ubike izaba kanti uyazi
udayisa ngenkomo yami
Yize abanye bethi iskabhu
Waze wanghlaza kodwa
Uyazi sengsele nawe wedwa
Kodwa awhlukile nomfwenu owafela emanyaleni
Ukhamba luyayifuza imbiza uzothi uhluke ngani
kunoyihlo
Owangthembisa ubumnyama obungenafu yena
uyofika ngenyanga uphi?
Awusananembeza washiya isalukazi esihamba
ngeznduku eMzinto
Makukuthi wenzela mina buya uzohlupheka nami
Ngoba ngeke ngthokoze nami
Ingane yami ihlupheke njengami
Nesifo ngnaso nami
Ngasithelelwa nguyihlo ngisakhula nami
Ngeke ngvume nje impela
Ngifisa nokuzlengisa
Amakholwa akhuluma kabi ngami
Bangfanisa nezehluleki ezisencwadini ezibuya isbili
Ngawe nje uwedwa
Awusazizwa ngisho unuka qaqa
Uqaqa amabhlukwe amadoda
Bakbiza khiwane elihle awqedeli
Umqeqebuli
Isinqanda mathe sosaziwayo
Nayi yithathe Balungile mtanami imali yakho
Ngeke nje ngmelane nento yakho
Kunezinto esizenzayo ezisiholela ebumnyameni
Sonke lana sazalwa abafazi abasihluphekela ukuba
sphile
Kona into zomhlaba zimnandi zinhle ngemibala yazo
kodwa asbheke sizizidla kanjani
Asbambisaneni sbuyise izwe lethu

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success