Ngikhumbula kudala
Lapho sisadla ngoludala,
Lapho sisasinga ilanga
Ze sifunde izinkathi zesikhathi;
O! Sisancela ubisi lokuhlakanipha
Lwezingengelezi, zisixoxele belu
Izinganekwane ngaphansi komganu;
O! Sisachopha iqakala esizibeni,
Kodwa namuhla sebeth' isidala
Ngikhumbula kudala
Lapho sisashalaza, sifohle isigagane
Uma sihlangana nomunt' omdala;
Lapho sisakhuluma siguqé ngedolo
Uma sikhuluma nabant' abadala;
O! Namuhla azisay'sukumeli impunga,
Kodwa namuhla sezith' isidala
Ngikhumbula kudala
Lapho sisabazisa abant' abadala
Engani sabakho ngoba basidala;
Isaguga esingaboni sisakhelelwa amanzi
Intombazanyana yakwamakhelwane,
Umfanyana esalusa ezakwamakhelwane
Qede ahlomule ithunga lobisi,
Kodwa namuhla sekwaba isidala
Ngikhumbula kudala
Lapho sisakujabulela ukuthunyw' abadala,
Engani sasisaqaphela ukuthi bayasithanda;
Ezanamuhla sezanqundeka amaqaphelo,
Azinakuthunywa lokhu ziyazondwa
Kwasize sezasibekelwa ufasimba;
O! Kusaqhuma umkelo uma silulekwa,
Lezi zimagange zisikhihle zithi zinamalungelo
Ngikhumbula kudala
Lapho zisahluthulana esibayeni
Lapho kusho umgangelo zibanga iphaphu;
Lisathethwa esibayeni, kuthelelwane umlotha,
Lezi zilushiyela amagwababa ezinkantolo.
Konakelephi ngempela kwelihle likaMthaniya?
Mazibuyele emasisweni!
Lungelo, this is an amazing and excellent poem....very fine., must be included in school syllabus
Oh thank you Simon, that's what I hope for as well. Thanks once again
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Times has changed....lovely write that shows how our forefathers used to live as compared to our generations Great work 10
Thanks Brian for your positive feedback..