kulungile Noma Usungahamba
Akusenani unginikile Uthando wanginika izaluleko wangifundisa Impilo
Kulungile noma usungafulethela akusenani Lezi zinyembezi zami akusizo ezokukhala ngenxa yokushiwa Nguwe Kodwa Ngezenjabulo Liphume Nobomvu
Bheka manje Usunjani bheka manje bakushiyile abangani usele nami
Mina isithutha sesilima sakho ebesisala endlini usayodla ubusha bakho
Baqinisile impela uma bethi uthando aluboni love i blind yimina lo obe phansi phezulu ekuzamela impilo Incono wakuthola obukufuna wangilahlisa okwamafinyila
Kulungile akusenani ungahamba
Yimina obekunakekela ekwenzela konke remind u ukuthi uyathandwa njalo ekuseni emini Ntambama
Kwale noma Sengikufake Indandatho Ngesifiso sokuthi Ngfuna Ube Ngowami Ooohe
Ngyaliqalekisa lolosuku Ngime phambu kwabazali bethu Nomfundisi sethembisa Sithi siyofa silahlane Kodwa asifanga konke lokho bekungamanga Ka Gcabashe...
Kulungile noma ungahamba akusenani Ngilunge nginjena
Bengikuphathisa okweqanda ngikutotosa Kuhle Kwesidlo sam engisikhonze kakhulu U Gavini Phela wona ngeke wangilahla Yimina engiyowulahla lapho ngyobe ngephule isethembiso
Ooohhe Ngyazisa ngesikhathi sami
Ngiyendlalile Inhliziyo yam Wayodovadova wayinyova kodwa angangabuzwa Ubuhlungu Ngoba Uthando belungivale amehlo Namhlanje ungbonisile Ukuthi Ungumuntu onjani
Kulungile ungahamba akusenani
Ngethembe bani? Inhliziyo yam izibazibazi angboni Zisayobuye zivaleke okanye ziphole nganikela Ngothando lwam Nganikela Ngempilo yam Kuwe okube ngangazi Ngangizo joiner I Insurance hlampe bebezoyi replace okanye bayi renovate phoke impilo ayina spare wheel njengo Moto uban osayovuma ukunikela ngothando lwakhe kim lo osenje
Kulungile ungahamba akusenani
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem