Akusikhona okwethu mngani wami
Umzuzu nomzuzu siweboleka kuThixo
Konke esiyikho kungokwakhe, kusezandleni
Zakhe ukuthi sisayobuye sibonane yini
Sibobane kuphi kanjani singakanani
Injaloke indlela yesikhathi, nanini singavalelisana
Kungakoke okubhadalwa yithi- sibhadalela amanoni-
empilo: obungani-obuqotho nothando-lweqiniso
Ungangitheli ngezimathonsi eziconsayo
Ungangesabeli ngovalo oluheqezayo
Thatha nanka amaphupho ethu bese
Uthola izizathu zokuqhubekela phambili
Ngoba, noma ngabe yini engavela namuhla
Kodwa, kungokukaThixo okuyovelela thina
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
kungokukaThixo ngempela usuku nosuku esilutholayo kungenxa yomusa wakhe futhi liyisipho kithina ngoba asikaze sisayine isivumelwano ukuthi siyophila isikhathi esingakanani yingakho nje usuku nosuku luyisibusiso esivela kuMdali....muhle umsebenzi wakho ngiyayithanda inkondlo yakho.............