Kwakuvele Kuyinhloso Yakho(Ft Fezeka Mncwabe) Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Kwakuvele Kuyinhloso Yakho(Ft Fezeka Mncwabe)



FEZEKA MNCWABE
.
Kwamhlaba bekuyikakho
Konke uzenzela ngokwakho
Ngisho iziyalo sebekuyala ezithathwe kokhokho
Uqhubeke wenze ngokwakho
Uqhubeke ngewisa uyiqhube eyakho
Namhlanje abuya enjengoba
Ngisawezwa enkeneza njengoba
Mntanam! Mntanam! ! Mntanam! ! ! _
"Buza Kim lendlela ngyaz ngami"
Mntanam lalela
Wazigxoba gxob'nje iziyalo nje
Ukulalel' kwayizeleze nje
Ukuzenzel'kwaphenduk' inhlala yenza nje
Namuhla konke kubuya kanje
Buk' namuhla ulele kulamashidi
Ngezibi uyabangwa njengoshidi
Angith konke kuwe bekubukeka kuwushidi
Konke kwenzeka njengoba wawufuna
Konke kwenzeke ngeyakho inhloso
.
NOMA SESINGAKUKHALELA ZUMEKILE
VELE IPHUTHA LIKAZENZILE
SALE USUXOLISA INHLIZIYO KWAKUVELE
KUYIPHUTHA LAKHE
.
MPHATHI MBHELE
.
Usuyokhala zome kulungile
Wena uzenzile ngeke ngkukhalele
amantombazane buwashintshile
bekbiza ngeNjova bekvumile
Udla into zomhlaba bekubhekile
Uphenduka ulusifa kowakho umhlaba abantu
bekuthandazile
wakhohlwa ukuthi umashaya bhuqe iqhawe nobaba
sebelele
Wawuthi elomkhwenyana awulusebenzisi ngoba uthi
zinhle intokazi
hambo sesha igazi
Ziyokushiya lezintokazi
bheka azisekho ngempela gazi
Ukuthi wawungenwe yini mina angazi
Kodwake bekuvele kwinhloso yakho
Baningi obuphika nabo
Ngaktshela bayokphika nabo
Bese uthi abagcwali
Bheka sekwagcwala obhavu phambi kwakho
Olova sebehambela kude kuhle kwelanga lasebsika
Bheka lesifo syaksika
uyazphunyukela
Izngane zyakbalekela
Kthiwa uzenzile akakhalelwa
Wena uzenzile zenzele soze ngakukhalela
Ngenkondlo ngyokukhahlela
Kwakuvele kwinhloso yakho

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success