Lafa Ngobani Lelizwe Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Lafa Ngobani Lelizwe

Rating: 2.5

LAFA NGOBANI LELIZWE

LAFA NGOBANI LELIZWE
BENGSACELA UNGIPHE INDLEBE UNGIZWE
NGALENKONDLO NGIFUNA UKUDABULA ISIZWE
NGESIZWE
NOMA NGABE SENINGSHAYA NGAMAZWI NGEKE
NGIWE
SENIHAMBA UBSUKU MINA NGEKE NGINILANDELE
LAPHO NIZOFIKE NIDLE IMALI KULAHLE UMUNTU
AVUKE EKSENI ESETHI AVE NGIDLIWE
IMALI YAMI ISIQEDIWE

grade one please show me the way
kwazsholo uMr bones exakekile
yazi nina bantu ningcasulile
izinto enizenzayo zingdinile
angsakwazi ngisho ukudla idinner ngoba ngdiniwe
ngingeke ngenze lutho ngoba lendlela enihamba ngayo
inina eniykhethile
ake nginkhumbuze kancane nisakhohliwe
endulo khona indodana eyasifela ukuze thina sigcine
sphilile
kodwa ophilile usekwazi ukungfela ngamathe
mangimbonisa emzansi khona igazi elachitheka ukuze
sikhululeke
kodwa inyanga nenyanga khona ingane ekhishwayo
kuze wena ukhululeke
emajele khona abajezela amacala abangawenzanga
kodwa wena usaqhuba ukukhohlakala mfowethu
khumbula abazali basishiya lelizwe selingelethu
kodwa sekukhona abadukisa abantwana bethu
bathi wena kuze ube yisigwili gudluza lo okzalayo
nawe sunenkululeko manje shiya kini uzmele ube
yimbokodo
nembokodo ngeke uybone imile emoyeni
kodwa uma iwa eweni ishayeka phansi ihlephuke
ingasahlangana
ingakho iningi lo dadewethu bethi ubuntombi bami
abunikwanga bail
kepha mina nginalombuzo

LAFA NGOBANI LELIZWE
BENGSACELA UNGIPHE INDLEBE UNGIZWE
NGALENKONDLO NGIFUNA UKUDABULA ISIZWE
NGESIZWE
NOMA NGABE SENINGSHAYA NGAMAZWI NGEKE
NGIWE
SENIHAMBA UBSUKU MINA NGEKE NGINILANDELE
LAPHO NIZOFIKE NIDLE IMALI KULAHLE UMUNTU
AVUKE EKSENI ESETHI AVE NGIDLIWE
IMALI YAMI ISIQEDIWE

mdali siza abantu bakho badukile
sekwaba khona onkathazo imali yeqolo
sekuyaziwa lezo azilali epassage
ziba nemali ziyothenga uqoh
aibo
nqonqonqoh vula nansi impumelelo inqonqoza
wena funda uzikhandle ubashiye laba ababulala bashiye
igazi ligobhoza
emfuleni njengoba sekwaba khona ored river
usize ngamtanami ungabhukudi kuwona ngoba uzobisha
buka abakade bebhungukile babuye ngebhokisi
abelungu sebethi le imomish
wena thatha isokisi uligqoke laba abakukhohlisayo
ubafake iscathulo
noma uhlupheka uthathe indlala uyibeke phezu
kwetafulu uyndlalele izitha zakho
ungadayisi ngomzimba wakho ngoba uzwa abangani
bakho bethi uzoba iskhokho
oKhokho bethu baze bashona bengasazi iskhokho
wena enza njengokhokho ukushintshe konke lokho
abathi isono sikababa sehlela kundodana
bajabhise wena laba abadliwa umona
noma sebekona ungaphenduki ngoba nawe uywthola lo
mbuzo othi

LAFA NGOBANI LELIZWE
BENGSACELA UNGIPHE INDLEBE UNGIZWE
NGALENKONDLO NGIFUNA UKUDABULA ISIZWE
NGESIZWE
NOMA NGABE SENINGSHAYA NGAMAZWI NGEKE
NGIWE
SENIHAMBA UBSUKU MINA NGEKE NGINILANDELE
LAPHO NIZOFIKE NIDLE IMALI KULAHLE UMUNTU
AVUKE EKSENI ESETHI AVE NGIDLIWE
IMALI YAMI ISIQEDIWE

kwaze kwanzima emhlabeni
buka lentokazi iyavula iyavala kuhle kwenkositini ka
Vusi Ximba
kazi inkosi ithini mawuganga ngalowo mzimba
noma ungangshaya ngomzimba
kodwa uyowakhumbula amazwi ami mhla ngihamba
sengekho umuntu ozokululeka seliphela nethemba
uyokha ngoba elakho ithuna kade walimba
wahluleka ukubekezela wathi impilo ikwenza islima
ukube wasisiza nathi ensimini ngenkathi slima
slima wena wahambela kude wasbuka thina slinda
kodwa usangaphenduka ithuba lisekhona
ubashiye labo abanomona
ubona kunjena emhlabeni vele nabo bangona
ngihambela phezulu no mdali wami bangwisa
ngavuka ngaphinde ngakhuleka noma bengthuka
bengbiza ngakho konke bahluleka ngisho sebengdlisa
ngenxa yokusaba izwi lika mdali ngaxola
nawe bamba isandla sami ngifuna syimbe lendlela
kunzima kwehlela thina sonyukela
neNcandweni iwufakazi lendlela iyenyukela kodwa
ayfiki ezulwini so mina nawe sophumelela
nawe tshela unompumelelo ukuthi uyeza
ngoba kuyoba buhlungu usubuzwa lombuzo othi LAFA
NGOBANI LELIZWE

Friday, May 12, 2017
Topic(s) of this poem: rain
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
LAFA NGOBANI LELIZWE
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success