Mntanami (My Dear Child) Poem by Lindokuhle Dawordplaymind Nkosi

Mntanami (My Dear Child)



Mntanam, ngelinye lamalanga uzofika lamhlabeni
Kulomhlaba abathi ugcolile
Ungafunga ukuthi wakhandwa ngameva ngoba uyahlaba
Kulomhlaba abathi kawunoni
Kade kwasa ubagwinya kepha kawudeli
Lomhlaba lo osogcwele Abafundisi neZangoma zamanga
Nezithunywa mbumbulu
Abenzi imali ngezizumbulu
Ngenkohlakalo nangokukhohlisana
Okunye nokunye uzozibonela
Mina bengikwenzela isbonelo la.

Ngifuna ukuk'tshela mntanam
Ukuthi ngeke kwenzeke ngihlale nginawe ngasosonke iskhathi
Kepha uthando lwam luyohlezi linawe ngasasonke iskhathi
Ngizohlala ngikulindile impilo yam' yonke
Mhla ufika kulapho engiyozikhihla khona ezenjabulo
Ngijabulela ukuthi nami senginguBaba kasibanibani
Ngizokufundisa okuhle kokubi
Nokubi kokuhle
Ngizokubamba ngesandla, ngesinye ngikukhombise ubuhle obulangaphansi komthunzi welanga
Ngikufundise ismilo kanye nenhlonipho
Kodwa ze wazi ukuthi uma usukhulile okunye uzozifundela
Futhi ngeke kwenzeke ngihlale nginawe ngizokududuza uma emoyeni ukhungathekile.

Uzothola abangani bamanga, futhi nabaneqiniso
Abanye bazokuholela ebumnyameni
Abanye bakuholele ekukhanyeni
Lapho nguwena oyizikhethela
Noma izinto zomhlaba eziphandlanayo sezikumpumputhekisa, ngizoba seduze kwakho ngikubonise indlela
Ngizokunika zonke izikhali, ze uyihlomele impilo
Ngizokukhulisa,
Ngikunike okulingan' amandla am'
Futhi uzobanenhlanhla, ngoba ngizokunika namathuba engingazange ngiwathole
Ngoba ngifuna ukuk'bona njalo ujabulile, utshakadula okwethole
Ngizokunika lonke uthando mina engingalutholanga
Ngikwakhe uma lapho ikusasa lakho ulibona lififiyela
Ze ungavumeli amaphupho akho aphenduke iphunga
Uhlale wazi ukuthi uBaba uyakuthanda...



#PoetryIsLife
#WeLiveForPoetry
#CorruptedPoet

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success