**ngihambile Isikhath’ Eside Poem by LLM Mbatha

**ngihambile Isikhath’ Eside

Rating: 2.7


Ngihambile isikhath’ eside
Ngakushiya sithandwa sami
Ngangingazi kuyoba nzima
Ukuhlala ngentombi ulinde
Namuhla ucela uxolo
Ngoba iphutha selenzekile
Angazi ukuthi kuthiwani
Selichitheke linamasi igula
Angisiyena uyise wayo
Yeka ukuqhosha kwenhliziyo
Ngoba yethembile ikholelwa
Yeka uthando, impumputhe!
Ngikhumbula mhla sehlukana
Izinyembezi emehlweni akho
Zawela esifubeni sami
Ngangingazi ukuthi siyagcinana
Ngangazi ukuthi siyobonana
Namuhla selidume ledlula
Izandla zami ziboshiwe
Nenhliziyo yami iboshiwe

COMMENTS OF THE POEM
migelly 17 August 2019

Add a comment.I like it give us more

1 0 Reply
Zandi Dlamini 20 January 2010

WOW ngiphelelwa amazwi kubuhlungu uma othandiweyo wakho ekhetha eyakhe indlela wena ongabalwanga kuyo...ukulinda nje bekunani uma umuntu umuthanda ngempela uthando lweqiniso luyalinda, aluzifuneli okwalo, luyabekezela....ubengeke esalinda pho uze ubuye, kubuhlungu ukuthanda umuntu ongazi yini uthando...yobe kobuye kulunge!

13 1 Reply
Bathoko Hadebe 01 January 2010

Ncoooh man it sad iam sad right now the tires want to fall down but i cant let them. Thula nhliziyo yami ngithi dudu thula mphefumulo wami. Ngithi dudu uma ngase ngithole elinye ithuba ngangiyohlala ngentombi, ngizithibe ukube ngangazi ngangiyokulinda ngibekezele ukube ngakulinda ngabe esami isisu asikhu, khumalanga ngabe yithi labo esibambene ngezandla ezigcwele olubomvu, oluvuthayo, olumangalisayo, uthando ngabe yithi labo esihamba esihlabathini solwandle sibalekela amagagasi sincokola awu kodwa manunu wami ngiyophinde ngimutholephi oneqiniso njengawe

3 0 Reply
Bathoko Hadebe 01 January 2010

Wow ncoooh shame this one is breaking my heart mmmh very painful and sweet i like sad poems even though i cry easily iam inlove joe cheerz

6 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success