Nyoni Emaphiko Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Nyoni Emaphiko

Usuyondiza njalo nyoni emaphiko
Undize njalo ufike kulo owangthembisa
Ufike umtshele ngsaphila
Isthombe sakhe ngisbuka nghlengeze izenyembezi
Inkumbulo yakhe ilibele ihlabe inhliziyo kuze
kuphume igazi
Izwi lakhe likhazimula entabeni zasejozi
Wangenza mali wanghambisela isoka lami
Wahamba ethembisile ukuthi soze salamba mina
nezngane zami
Waze washo mhla ebuya kuyokhala uMantindane
Ngoba uyothenga unyanyavu lwekhumbi
Waze waciphiza izinyembezi ethi kuyobe kubuke
izinkumbi
Esho nokusho masiyotheza sohamba ngalo lo
Nyanyavu
Ohe ngoba mlomo uyalthenga ibhanoyi
Zthukuthuku zendoda uyaphelela emoyeni
Mholo wendiya awulnyusi nerandi lasemzansi
Ngisho ngoba lapha ekhaya sengphila
ngezinyembezi
Sandla sami sesaba nempehlwa hlez owami seba
mkhetha le goli
.
Kodwa suyondiza njalo nyoni emaphiko
Umbombela ustimela samaxhosa wenza kancane
Ngfuna ukwazi lisaphila yini
Isoka lami
Noma ngabe umsebenzi sewamphelela
Umtshele abuye nyoni emaphiko
Noma ngabe sewadliwa izifo
Akeze akhululeke
Phela ngumkakhe oyomzilela akekho omunye
Impela kulula ukuphupha kunzima ukufeza iphupho
Kanjalo nokshela kulula kodwa ukukhombisa
uthando kunzima
Leyokhumbi aysathengekanga buya
Imoba isashayeka ngapha
Ibhunu lisaqasha
Nawe ungabi namahloni
Akulona ihlazo ukuhluleka
Vele baningi bazokuhleka
Abanye bayokuhleba
Impilo injalo baba ka Vukuhlale
Naye usekhulile
Nase skoleni ngimfundisile
Kodwa kamatikuletsheni akayile
Ngenxa yokuthi eskoleni akakhokhile
Sekusezandleni zakho Mbhele
Ngyethemba nenyoni Ifikile
Obhalile imina u Agnes umaka Gloria
Lowamshiya umthembisile

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success