Phansi Komthunz Welanga Poem by Khabzyvee Mkhize

Phansi Komthunz Welanga

Phansi komthunzi welanga

Ezintabeni zokhahlamba
Lapho ubuhle bukhazimula njengonyazi
Ngiphose amehlo ondini ngafikelwa uhlevane.
Lapho ngicabanga ngamagugu akho muntu ompisholo,
Omunye wakhomba omunye, nomunye wavikela
isolakhe Kwakhala insingizi endlunkulu.
Khuza nansi ingwadla.
Omdala uthi mncane, nomncane uthi mdala.
Ngathula ngadlinza ngagcwala inzondo
Ngesandla esinoboya esaqotha imbokodo nesisekelo
endlini kaNdaba noNdabezitha kwaze kwazamazama
UDibhasi noBombo

Leshobolo libhibhidle indlu kaTembe noGumede phansi
Kwangwanase kuze kwananela isalukazi sakwaMthembu
Sathi 'badlubusha babo bayekeni'.
Kubhodle oDlakadla engwavuma kodwa kwasho
Ukuti ayingangabo
Ngimemeza nginga phansi kwetshe ngoba ngingu-muntukazana
ngathi ingene eyolwazi.
Kodwa bangishaya indiva ngoba ngingu -mlanjwana
Zulu noZitha kanti nawe Zondi noZondo
Phuma! Amehlo awaphathelwana.
Nansi inyanga nelanga kusihleka usulu
Ngenxa yobuwula bethu.

Nathengisa ngobuzwe ezihambini,
Ningenwe yini.impande yesono?
Noma ubunyoka?
Naziphathisa kwamachalaha ingabe nididwe yini
Injabulo noma inkululeko?
Lobu'hlungu bamahlule egazi
Enhlabalasa ehlane kuhlasimule umzimba.
Maqede umenzi wobubi azenze muhle emehlweni
ethu ahlabelelo izihlabelelo zamabandla enkolo.
Kanti igaziliyakhala ehlane. Ngibubula nje angizenzi.
Angena amanzi endlini. Yawuchitha umuti inkonyane
Lafa elakithi nilibelwe amashica.
Nizibiza ngamadoda kodw niziphathisa kwabafana ekwaluseni.
Ngithule ngiyabuka nidwanguzwa okwezidakwa
Zidwanguzwa endleleni yamambawu
Ngimfushane kodwa bakhona abade kunami
Ibhalwe.: Cebolenkosi Mkhize

Phansi Komthunz Welanga
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success