Sizwe Esimnyama Vuka Poem by Khabzyvee Mkhize

Sizwe Esimnyama Vuka

Sizwe Esimnyama Vuka

Vukani nanti langa nenyanga kusihlake usulu.
Vukani niqinise izibaya zobaba amasela adlangile.
Adlangile futhi athatha kwasani okuthi Zulu.
Zulu ngithi vuka uhlabe umkhosi isizwe sakho sivuke
Sivuke kuhle kwesosha lisempini ngoba isingene,
Sekusile vukani nakumhlaba wobaba babelana ngawo
Ontaba kayikhonjwa Vukani maqhawe.
Vukani ngithi Vukani naka amagugu ethu, kwabelwana
Ngawo.

Sizwe esimnyama nadwanguza ebumnyani
Sizwe esimnyama nabekana amabale ebunzini.
Sizwe esimnyama kwalala kwakunye, kuyovusana kanjani.
Sizwe simnyama naphehla uzwathi ngobumba,
Kukhalenyonini?
ngiyazibuza kephi impendulo kangiyifumani.
Nakhwezela izikhuni eziko imbiza ingenalutho.
Sizwe simnyama naphuma esikhundleni sokungena.
Kazi lesisikhundla siyakufudunyezwa ngubani.
Ngoba senithengisana nodwa Ndle'mnyama

Impela bathi yakhela ngamaqubu enye kodwa okunje
ngiyakweshama futhi ngiyakwesaba,
Impela senisho ukuwaqeda akazulu amaqubu ngenxa
Yempande yesono, Imfudumalo kwelikamthaniya
Sesiyizwa ngendaba.
sesiphila sibeke indlebe kubaseki bebunda
Ngoba impela asazi ingomuso lizanani.

Sizwe simnyama saphelela ezeni okwamazolo
Eshabalaliswa impakamo.
Sizwe simnyama saphila ngokwesaba.
Sesize sihambe lukeke kuhle kwezinkalankala
Sesisabana sodwa, ngoba bathi singathintani
Impela baqinisile Uma bethi ithingahamba idle udaka
Nasi ebesiphila kahle sesiphanga umdaka okwezingulube
egoqweni.

Laphela elikaNdaba amododa alibalwe ngamashica.
Laphela elikaPhunga noMageba ngenxa yempande yesono.
Amakhaya obaba asephenduke amasango kasgonyela.
Sesifana nabagwetshe odilikajele sibe singekho ejele.
Sicindezelwa ngoba bafuna ukusephuca amagugu ethu.

Muntu ompisholo vuka uyeke ukuthandabuza
Impi isisesendeni.
Munto mnyama nakhu obekuligugu kuwe kushabalala.
Abezizwe bakhala bemuka nakho.
Muntu Onsundu ungasavumi, Vuka uzithathe
Ungakulibali ukuthi nokufika kwabo akuzange kwabakuhle
Inhloso kwakuzosiphuca esinakho.
Lalela vula amaqaphelo uqaphele
Bese uyakhumbula ukuthi kwenzakalani esandlwana.
Ngikudonsa ngendlebe ngithi izwa lukhulu luyeza luyanyelela.

Sizwe esimnyama kameni ukuba ngovuma zonke
Sizwe Esimnyama kameni ukuba amavaka
Kanti wena uvumisa nini kwathi angimemezi ngithi heebeeee!
Amavaka azothula kepha amaqhawe azovuma eThi wuuusuthu!
Iskhathi sokulila sesphelile nakamaqubu anemfudumalo kaZulu eshabalala
Silibele ukuncinda izithupha okwentandane engenabani.
Ngalenkondlo ngiyanivusa ngithi vukani emaqandeni.
Ibani uzulu wasendulo.
Ibhalwe nguCebolenkosi Mkhize imbongiyakoKhabazela

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success