Ungangithandi Noma Ungasangithandi Poem by Khabzyvee Mkhize

Ungangithandi Noma Ungasangithandi

Rating: 1.0

Ungangithandi Noma ungasangithandi

Sthandwa Sami ungabi ngumzenzisi.
Loluthando ngiyabona selushabalele.
Impela Mina nawe besingamathe nolimu.
Konke ebesisikwenza bekuvele kushelele
okwabantwana badlala umshelelezi.
Negama lami belihlezi lishelala kolwakho ulimu.

Ungangithandi Noma ungasangithandi.
Impela abaziyo bathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa
Sengicela ningipha amanzi ngisale sengizigeze ezami izandla
Phela Lena ayisengangami impela.
Ngicela ukube eyakho inhliziyo usale usuyifakazel.
Ngicela ukuba eyakho inhliziyo usale usuyithuma
lapho ethanda khona.

Bekukuhle mtanomuntu sithandane ngolweqiniso
Kepha manje iqiniso seluphenduke isqalekiso
Bekukuhle impela sihlezi sincokolisana ngamnandi amagama,
Kepha manje sesihlezi siklwebhana kuhle kwamakati
Lokho okukhanya ngokusobala kuthi loluthando kalusekho
usuyasho nje kepha lona sekukhanya bha! Ukuthi seluthuthile
Sekusele Lona inxiwa elishoyo ukuthi la! kwake kwabakhona uthando.


Lokhu okukhipha ngomlomo izenzo ziyakuphikisa.
Mtanomuntu ungangithandi kungasavumi.
Leligula selivele lachitheka zonke izaqheqhe
Sezikapakele kulomhlabathi ogcwele ubudlwangudlwangu
Lalela ungaziqambeli amanga
Lalela izenzo zakho zingichazela konke
Noma umlomo ungakhuluma okunye
Kepha izenzo ziyibeka obala okwempahla yesele.
Ungashayi uzamthilili ndawonye hamba impela
Inhliziyo yakho isikhanyisa ngokusoba
Ukuthi izikhwama zakwathando sezipakishiwe.

Isiphukile angeke wayihlanganisa ngamanga
Ngizozama kutotoba ngayo igxiza igazi injalo.
Uma isakwazi ukwenza umsebenzi wayo wokuhlanza igazi
Ngayo ngizoncenga ngiyofika kwabaneqiniso,
Ngelinye ilanga umtapo uyophela
Lale Mina owolwazi umtapo engiwuphethe
Ngelinye ilanga uzongikhumbula..
Mtanomuntu angikubopheli inhliziyo ngalamagama
Eyami inhliziyo ngiyayiqaqa sengiqaqa nezifungo engazifungayo
Zokuthi sofa slahlane.

Ibhalwe nguCebolenkosi Mkhize (ImbongiyakoKhabazela)

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success