Soneni? Poem by Khabzyvee Mkhize

Soneni?

Soneni

Lobuhlungu bama hlule egazi
Aklabalasa ehlane kuhlasimule
umzimba kuqubuke uhlemvane
Maqede umenzi wobubi azenze,
Muhle emehlweni ethu. Soneni?

Nathengisa ngobuzwe bethu ezihambini
Nididwe yini? Impande yesono noma
Ubunyoka, nathatha izwe lobabamkhulu, nalenza elenu
Ningenwe yini, nasibhuqabhuqa
Sibhekile senzeni, nasimbela amaliba
Sisaphila nigila mhlola muni. Soneni?

Sesiphila ngokwesaba asisabuthi qothu
Nobuthongo sesilala obenyoni ngoba
Singazi kuyosa sisaphila yini
Sesihlezi siqhaphile sivula maqhaphelo
Phela abaqaphi sebephenduke amagundane
Ingani phela bayasiluma qede baphephethe nathi siphaphathe
Kanti bona bathi siphundu kawuboni
Siyakuniqeda

Isizulu sithi umuntu umuntu ngabantu.
Nasiqeda singabantu kanti
Nina nifuna ukuphila nobani kulomhlaba, nisicisha umoya
Sidleni kabani sicele uxolo

Okubuhlungu nokuqubukisa umzimba
Noma seniyifezile intando yenu
Nisibekisa kwezngcanga abanye
abasayiswa ngisho emakhaya
Sitshaleni kepha usuku lokuvuna
Luyeza mhlampe nangalo niyothokoza
Mhlazane senivuna enakutshala
Kwamhlaba.

Sonini nani sesice ungenelele
Naba sebephula okwaphuma emlonyeni
Wakho kunokuba sizalane sande
Bona sebayasibhuqabhuq ngomashaya
Bhuqe qede basibhuqe.sesikhala nsuku
Zaphuma nesigubhu sezinyembezi
Sesiya ngomutsha wendoda akusalileki

Bazibiza ngabaphathi belizwe
Izenzo zithi abathakathi belizwe
Bazibiza ngamadoda kodwa
Niziphathisa kwabafana ekwaluseni
Bona abanganandaba nokukudlisa
Indle qede bathi bayakhulisana
Besinethemba lokuba nizoba usizo
Kanti lutho nizosithela ngebhakede
Losizi omunyu nokuzisola

Yini lengaka abakufumbathise yona
Sengicela ukwazi iqiniso kuthini kuwe
Uma ubona umfanekiso kajehova
Ubhubha ngaloluhlobo nathi ehlobo
Kuyobancono kanti nisifihlele induku
Emqubeni asisafinyeleli nazesihlotsheni
Soneni

Imbongi yakoKhabazela

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success