Somandla Ukuphi (Ft King P) Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Somandla Ukuphi (Ft King P)



MPHATHI MBHELE
.
SOMANDLA KANTI UKUPHI
SAFA SAPHELA UTHULELENI
SIMEMEZA KUWE UKUPHI
BONKE ABENZA KAHLE BALAPHO WENA UKUPHI
.
ngimile lapha
ngikhala nje ngdinga umuntu ozonglapha
ngikhala ngyazbuza
ngizisula izinyembezi ngyazphendula
ngabe kusayiwo lo mhlaba lona
wona lona ophilela ukona
bona bethulile bengakusizi
bheka lentsha seyadla ubukhazikhazi
bheka sesiphila ngaphansi kwenculazi
eyethu impilo incu yazi
ngisho emasontwemwi kuyaliwa
ngbafice bethukana bethi lo uthathe owami
ngabe sengizbuza ushela kanjan enkonzweni lapho
ukhonza khona
bona laba bayafana nabathakathi ababulala la bedla
khona
nezmbongi zibhalile
ezbhongayo zibhongile
cha mina ngbongile
laba benza ukukhohlakala bacashe ngothando lento
aylungile
ngisho nohulumeni usejahe imali thina
usesikhohliwe emqondweni wakhe usisusile
thina enhluphekweni sesiminzile
mungasonti izulu ngeke ulngene
esontweni umfundisi une smile kakhulu mekume
phambili amantombazane
uthi yonke indlela idlula la
esho ekho ejerusalema
hawu wejesu we mah mina ngeke nglunge
vele sesiphila emhlabeni wamanga
lapho ubona khona izmanga
thina saphiliswa nosathane emhlabeni
mangabe umdali akanaphutha ngalesenzo
wayeqondeni
mhlawumbe isona sihogo lesi
ngoba nami ngimbongi kunenhliziyo engizphulile
ngith ngyazi kanti angazi
kodwa ake ngehle ngezansi
kuphakame wena Phakamani
le ayngangami kodwa nawe ake usike elijikayo
.
SOMANDLA KANTI UKUPHI
SAFA SAPHELA UTHULELENI
SIMEMEZA KUWE UKUPHI
BONKE ABENZA KAHLE BALAPHO WENA UKUPHI
.
PHAKAMANI MGABHI
.
iqiniso liyagxotshwa amanga bayakholwa.
Sekuncole ngisho amakholwa.
Bakhohlakele ngbabonile ezion.
Aiisuka lezi izoni.
Ngabe nami ngyazikhohlisa mangith angyena
umoni.
Ukuth nje lento ifikiselana ngamahloni.
Kwamanazaretha ngiwabonile enza okungalungile.
Inhlalusuthi zikababa zonile.
Amakhosazane ajolile kodwa angyena ufakazi.
Yazi.
Abafundisa bamanga amantombazani asindisiwe
aiimani.
Agqoka izigcebhe angene esontweni.
Ahlale phambili abhale u4 qagela kuvelani.
Akundaba yami sithi isitayela kuyavela ngalapho?
Aiisuka liyabhubha.
Liyaphela.
Usathana sihamba naye kwamhlaba vele.
Mbhele inkunzi phakamani injah

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: religion,sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success