Kuyoze Kubenini Poem by Khabzyvee Mkhize

Kuyoze Kubenini

Wacindezeleka umuntu ompisholo
Kusukela kakade bephila kanzima.Ifosholo
esandleni; emuva ubeleselwe bakhuza ushova
Isithukuthu sendod'emnya sehle njalo siphelele ezeni.
Kodwa ngapha bazishaya isfuba bathi lenkululeko
Yalelwa . Izingane ziyafa umashawandawonye
Nempilo imile ndawonye, ndawonye khoni igazi
elachitheka sindawonye.

Namhlanje asisabalwa ngisho ezibalweni
Kunalokho bayasiphosela kuhle kwezingcanga.
Koze kubeni siphoselwa , simenyeziswa kwezinja
Kuhle koyo zingela, ngenxa yomashaya ndawonye
Siyobhuza kuhle kwezinkukhu ziphoselwa ungqakazo.
Angithi inkemane iyasho nabantwana bayasidinda islilo
Akukho ukuyisa imbiza emlilweni.

Amajazi ayalenge emsamu izicucu seziya ngokucosuka
Impela inganekwane lento yemfundo Cosi Cosi yaphela
Ngisazimisele ngokufeza iphupho kodwa ngoba sishawa,
Ngephindiwe imfe nawe sphundu kawuboni.
Amajazi endlini empisholo ayinsada okwezimpethu zendlovu.
Kodwa inkululeko siyizwa ngendaba kuhle komlando wasendulo.

Ngithule ngadlinza ngagcwala inzondo
Mengibona indlu emnyama isiphenduke,
Izigqila zomashaya ndawonye
Ngithule ngadlinza ngagcwala inzondo
Uma ngibona abasha Basha begida ndawonye
Ngimilelwe uhlemvane kwaze kwahlasimula.
Umzimba umangibona umuntu ompisholo
Ethengisa ngamagugu kazulu qede asimbambathe
Kwabakhapheyana emakhanda.

Koze kubeni Nini sizibiza ngabakhululekile
Kepha sicindezelekile
Koze kubeni Nini sizibiza ngabakulelizwe
Kodwa siphathiswa kwezihambi
Sisebenze a amanye amadoda aqhiyeme
Ezihlalweni zikanokushe qede bathi sikhokhe intela
Koze kubenini kuhwalele kwazulo kepha litwela
Kondlebe zikhanya ilanga.
Ngiyazibeka ngalenkondlo zengizimbele
amanzi ngomsele qede ngayoma ngenzansi.
Sengiyo lala obenyoni
Kepha ngizoqhubeza ngibuze
Koze kubenini umuntu omnyama efela iqiniso
Qina iso lami ungasavumi uku cwayiza
Ngoba ngalombuzo usungendela kwelamathongo

Imbongi yakoKhabazela

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success