Usehambile Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Usehambile



USEHAMBILE

USEHAMBILE NGEKE NGSAKWAZI UKUMBONA
NGYETHEMBA LAPHO EKHONA ZIYAJABULA
IZIMFAMONA
KUDELA OWAZIYO NGAKONA
KUDELA OWAZIYO NGAKONA NGANI NGOBA
EMEHLWENI AKHO AWUSAFUNI NGISHO UKUNGBONA

kunentokazi ejabulisa inhliziyo yami
ngiqonde ukuthi ngike ngathandwa empilweni yami
kodwa konke lokho kushabalele kuhle kwamazolo ebona
ilanga
phela izolo bengthokozile namhlanje ngyakhala lesi
ismanga
sasibabili sahlukana sekukhona owesthathu ekpheleni
kwenyanga
mhlawumbe ukube ngnemali ngabe usakhona
uNomalanga
noma langa selishona mina ngaye ngyafa inkumbulo
yazi ngike ngvukwe isinongozane
mangicabanga ngale ntombazane
phela ngangfisa sihleli sindawonye angkaze ngfise
sihlukane
kanti sthandwa ngenzeni?
Ngoba mangbheka lapho kade nghamba khona elami
iphutha angilboni
wena ulalele abantu wakhohlwa umona usuka esweni
uye enhlizweni
kanti vele sthandwa ngoneni?
Ngoba kwale sengithi okoniwe ngo mlomo kulungiswa
ngomlomo
ngeke ngithi ngone ngomlomo kuqhume idivorce
uthe injani iya dina eyami ivoice
kodwa

USEHAMBILE NGEKE NGSAKWAZI UKUMBONA
NGYETHEMBA LAPHO EKHONA ZIYAJABULA
IZIMFAMONA
KUDELA OWAZIYO NGAKONA
KUDELA OWAZIYO NGAKONA NGANI NGOBA
EMEHLWENI AKHO AWUSAFUNI NGISHO UKUNGBONA

awsafuni nokungbona kyacaca kweyakho impilo
benginga exist
ngoba usukwazi ukungvulela inhliziyo like uCassper uthi
angphume kuwena kanti vele sthandwa ngenzeni
ngoba sengaphenduka uJabulini Deyi
coz everyday
isaid this words
ngimthandile kodwa yena ungphoxile
nhliziyo yami lala ngenxeba yena usehambile
uhambe ngokukhulu ukuzuma ungaze ufunge ukuthi
useshonile
bese ngithi sengimtholile
ngisho ngoba izolo bengthokozile namhlanje ngyakhala
lesi ismanga
empeleni ukthanda oSmangele ugcina umangele
ngoba nami ngigcine sengimangala
ukube ngakithi izihlahla azinqunywanga
bengiyoyixoxela amagwaba echobana
ukuthi lo obengthembise izulu no mhlaba
ubephosisa
ubengthembisa umnyama ongenafu
ukwazile yena ukufeza umhlaba wahluleka ukufeza
izulu
ingakho nje mangificwa ukufa ngyohamba ngedwa
ngoba owami usofa slahlane

USEHAMBILE NGEKE NGSAKWAZI UKUMBONA
NGYETHEMBA LAPHO EKHONA ZIYAJABULA
IZIMFAMONA
KUDELA OWAZIYO NGAKONA
KUDELA OWAZIYO NGAKONA NGANI NGOBA
EMEHLWENI AKHO AWUSAFUNI NGISHO UKUNGBONA


micabango yami kungani udlale ngami
lo obuthi umaqondana umthatheleni
empilweni yami umkhipheleni
phela mina izolo bengthokozile namhlanje ngyakhala
lesi ismanga
ismanga ngoba mina ngangfuna singene encwadini
yothando
ksukela ku Nkulunkulu no Maria
uAdam no Eva
uSenzangakhona no Nandi
uRomoe no Juliet
uMphathi no Eish
yazi ne gama lakho alsabhaleki kule ncwadi
kanti uyinyoka yini wena
ngizamile ukukubamba wangabambeka
uthando lwakho bese ngilifumene kodwa laphelele
ezandleni
ukthula ebandleni
nami ayikho into engxabanise ne Nkosi
lawo ngamazwi engwasho esontweni ngibe ngazi usizi
lusina ludedelani kimi
buka eyami inhliziyo isigaya izibozi
kuthiwa indoda aykhali kepha kmina ziyazehlela
izinyembezi
mina sengfuna ukwazi iphutha englenzile
ngoba
USEHAMBILE NGEKE NGSAKWAZI UKUMBONA

Friday, May 12, 2017
Topic(s) of this poem: love,sad
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success