Ungishiyeleni Mama (Ft Phumelele Ft Prince Mbhele And Hlatshwayo) Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Ungishiyeleni Mama (Ft Phumelele Ft Prince Mbhele And Hlatshwayo)



MPHATHI MBHELE
.
WENA MAMA UNGSHIYELENI
BENGITHI NGZOKWENZELA OKUHLE
EMHLABENI UHAMBELENI
NGAPHANDLE KWAKHO UTHI NGYOBA YINI
EMPILWENI
MAMA
.
kanti mina kulo mhlaba ngafikelani
mangabe ngafikela ukukhala ngalethelwani
ngathi ngyazama ukuyimisa lenqola eletha
izinyembezi yaqhubeka kanti kwenzakalani
ngathi ngyalubaleka usizi lwanglandela kanti
lifunani
mama ungshiyeleni
bese ngithi uwena oyoba khona kwi ksasa lami
njengoba ubaba wangphika ngsayihluli
kwesakho isisu ingakho ngkubiza ngeqhawekazi
lami lokhu kugula kukuthathe ngingazelele
nawe usulele
usule kude phakathi nemkhath yezulu uhambe
kahle
umdali ukubizile njengowakhe unkosikazi
kazi yena uke wacabanga usizi angshiya nalo
lapha emhlabeni
ngeke ngithi kulungile mama wena uvumeleni
ngoba uyazi angingakabi indoda eqinile
ungshiyeleni
wavuma impela ngibe intandane awbuze
lokthathile ukuthi mina unglanda nini mama
.
WENA MAMA UNGSHIYELENI
BENGITHI NGZOKWENZELA OKUHLE
EMHLABENI UHAMBELENI
NGAPHANDLE KWAKHO UTHI NGYOBA YINI
EMPILWENI
MAMA
.
PHUMELELE MAHLANGU
.
UNGISHIYELENI MAMA MAMA UNGISHIYELI
KULO MHLABA WOSIZI NENHLUPHEKO KULE
SISIZIBA SAKAMPILO MAMA UNGISHIYELI
BHEKA INYEMBEZI ZAMI SEZAPHENDUKI
IHLAYA KWIZITHA ZAMI BUKA INYAMA NO
MOYA SEKU BUTHA NAM SENGIFISA
UKUTHATHA ONGOKWAM NGIFLATHELE
EYAKWA MHLABA IMPILO NGOBA INGEHLULI
HLEZE LAPHU UKHONA NAMI NGIYAKU
THOKOMALA HLEZE NENJABULO KANYE
NOKUTHULA KO MPHEFUMULO
NGIYAKUFUMANA KWAZISE KWE YAMI
INHLIZIYO SEKWABA KHONA INZONDO
NOBUNZIMA EYAMI INGQONDO SEYA
PHENDUKA ISIGCAWU SEMBUZO
UMZWANGEDWA UNGI GIDA GIDA MIHLA
NAMA LANGA MAMA LAPHO UKHONA UHLELI
KANJAN USANGIKHUMBULA NA? BUKA NGOBA
NGIYA BHALA KAWUPHENDULI AWUSAFIKI
NANGE PHUPHO KUBA UCHAZE UKUBA IMPILO
OKUYO INJANI MANJE YEBO ELAKHO ICILONGO
LASE LIKHALILE ELAKHO IGAMA LIBIZIWE
KODWA OBAMI UBUHLUNGU SOZE BAPHELA
ELAMI IGAME ELISHA SOZE LACISHA ANGATH
ABANGAZIYO SEBANGETH IGAMA BATHI
NGUNTANDANE BATH NGUMHAMBUMA
ANGITH NEKITHI SELA VALWA IMPILO INZIMA
NGAPHANDLE KWAKHO MAMA KUNGIZWISA
UBUHLU UKUBA ANGINA MUNT ANGINAKHAYA
NOLWAKHO UTHANDO ANGINALO NGUNGAN
WAVUMA UKUHAMBA MAMA KUNGANI
WANGISHIYA
.
PRINCE MBHELE
.
Ungishiyelani mama
Mama mama mama
ngoba usungishiya ngenzeni.
Uthi ngikhuliswe ngubani.
Wangithembisa wathi uzoba nami ebuhleni
nasebubini
kodwa manje sewenzani
buya musa ukuba igwala
ibah isibonelo isihle kontanga yakho
ungangibalekeli akekho omunye imina
umtanakho
ngifuna ngami uziqhenye
ungishiyelani mama
kusenemfihlo engifuna ukukuxoxela yona
ubaba wami usekhona
uyakudinga nawe eduze kwethu ubekhona
musa ukubhunguka sonke siwumndeni siyafuna
ukukubona
buya noma imali ungenayo
baningi abakudingayo
umndeni nalezingane owazishiyayo
mama mama ayiqhubeki impiloh ungekho
buya manje awuuuukodwa
ungishiyelani umama
.
BHEKUMUZI HLATSHWAYO
.
UNGISHIYELENI MAMA
Ungishiyeleni mama?
Mama ungishiyeleni?
Laph'ukhona kazi usangikhumbula yini
yini mama ungishiye kanje, kabuhlungu kanje
Mama ngsazibuza ukuthi ungishiyeleni mama
kulomuzi phela alusapheli usuku
ngingashayiwe, bheka nelanga liyashona
ngingadlile Ngilala ngingadlile, futhi
ngingembethe
Mama kulomuzi owangshiya kuwo
sengaphenduka isigqila,
Phela lobaba ongubaba kimi, kimi akaseyena
ubaba useyisidlamlilo Kulomuzi ibhodwe alisayi
eziko phela ayikho into ongayibeka eziko,
lay'khaya ikati selala eziko
Akekho ongaba isikhukhukazi kimi
angifukamele,
emakhazeni angifudumeze,
ezingozini angihlenge
Mama ungishiyile,
laph'ukhona uthule futhi uphumule
Mina mama angiphumule ngokungishiya
kwakho
ungishiye ngimbethe inhlupheko, wangishiya
ngidla usizi waqede wangishiya ngiqube
endlaneni Uthando mama ngalugcina ngawe
Ukujabula ngakugcina kusekhona wena
Kepha wena mama wangishiya,
Kulomhlaba wamuka,
washiya mina ngikhala
Ngikhala ngikumemeza ngithi
"mama! ! mama! ! Ungangishiyi
Wena wangishiya
ungishiyeleni
.
WENA MAMA(EKHALA)

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: death
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success