Woza Sotholana Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Woza Sotholana

WOZA SOTHOLANA
.
YAZ MAJITA MINA NAYE HLELI SBUKANA
NOMA SITHI SENZANI SYANTSHONTSHANA
MANGKUBONA NOMUNYE UMJITA NGYABASELEKA
NAWE MUNGBONA NENYE ITHEKENI
UYABASELEKA
KODWA SINGAKAZE SISHELANE
SINGAKAZE SITSHELANE NGEYETHU IMIZWA
NGOBA VELE SYAFUNANA
WOZA SOTHOLANA
NTOKAZI WOZA SOTHANDANA
.
Akusasizi ukucasha ngesthupha
Lento iyanghlupha
Sengaphenduka umphuphe ngoba mihla namalanga
ngyakphupha
Ngyaktshela ngzokthanda ekseni nasemini
Ngiphethe lonke oludingayo ngyokukhupha
Sihambe nje emini ngkukhupha
Nge Mini Cooper
Ubaba uhleli engbuza kanti wena uqonywa nini
Ngmane ngqambe amanga ngith kade wangqoma
wena
Yey wena yanghlanyisa
Ungenza ngshawe uvalo uma ungdlula ngime
nomuntu wami
Cha eeerna ngumuntu wabantu ngoba ngumuntu
wakho nawe
Angkaze ngi VU kuwe
Ngoba nginqena ukukTHA.....nda
Uthando oluzoVUTHA
Ngidlala imcabango nje
Kodwa angphosisi yena
.
HLELI SBUKANA
NOMA SITHI SENZANI SYANTSHONTSHANA
MANGKUBONA NOMUNYE UMJITA NGYABASELEKA
NAWE MUNGBONA NENYE ITHEKENI
UYABASELEKA
KODWA SINGAKAZE SISHELANE
SINGAKAZE SITSHELANE NGEYETHU IMIZWA
NGOBA VELE SYAFUNANA
WOZA SOTHOLANA
NTOKAZI WOZA SOTHANDANA
.
Woza phela sothandana
Ngeke ngakbuza yini uzongthanda na
Ngiphara lothando kwawena ngyokukhiphela Ehotela
Ay Ehostela
Ngyokuphakela konke okudlayo ekhaya ngyobe ngi
hoste la
Ngisho ushizi wembuzi uzowthola
Danono yami eyakhiwa nge Micro Wave
Langa eliqhamuka eceleni kwendlu lifike lizoshisa
impandla kayohlo
Scathulo esiqokwa kwi farewell kphela
Ngisho ngkhuluma into ebhedayo iyachazeka
Okukhombisa ukuthi isagcwele
Ayisona nesgubhu kodwa ngami igcwele
Ayisona nesayoni kodwa ngdmi ingcwele
Kube yaba ngu Jesu ngyafunga yayizongfela ukuba
mina ngqhubeke ngphile
Mangase ngimthole ngyomthanda phambi kwabantu
ngeke ngimphike
Makwenzeka ethola usana ngingesiye ubaba impela
bengzothi uMphikeleli
Ngike ngizthole sengimbambela eduze
Ngithi mangvula amehlo
Only to find out ngiminza emcabangweni
Ngyazi nizothi ngyaqhaskha
Kanti lutho ngdlala imcabango nje
.
KODWA MINA NAYE HLELI SBUKANA
NOMA SITHI SENZANI SYANTSHONTSHANA
MANGKUBONA NOMUNYE UMJITA NGYABASELEKA
NAWE MUNGBONA NENYE ITHEKENI
UYABASELEKA
KODWA SINGAKAZE SISHELANE
SINGAKAZE SITSHELANE NGEYETHU IMIZWA
NGOBA VELE SYAFUNANA
WOZA SOTHOLANA
NTOKAZI WOZA SOTHANDANA
.
Woza sokhumbuzana indaba zakdala
Usakhumbula ngenkathi mmmmmmmrna ehhena
Aibo usakhumbula ngenkathi uhleka
Ngazthola senghleka ngingazi nghlekani
Sakhumbula ngenkathi sbuka ifilimu edabukisayo
ngakhala kqala ungakakhali wena
Mhlampe ngdlala ukuba foward
Wena usakhumbula yini siya ku fare well ulala
esfubeni sami
Ngazbona ngse majukujukwini omhlaba
Iqiniso ukuthi lelogxalaba owalala kulo angilgezanga
Ngangithi ebsuku uzobuya
Ngike ngkubone noma sizihlalele wena ungshalazela
Ngisho ngingasha la soze ngazela
Ngyozizela naye uyongzela
Sizotshelana
Ukuthi sikbonile bugqoke kanjani uya enkonzweni
Sbukane sixoxe konke okuseceleni
Sikhumbuzane sisakhula ebunganeni
Manake sakhumbula ngtheni ekuqaleni?
Ay yekela sengiya ngasekugcineni
Mtakwethu asisale sesiyenza lento
Umhlaba wonke ubuke thina manje
Nezimfamona sezihlehlile
Kulendawana kathando kukhona thina
Ngike ngizbone senginawe emagqumeni othando
Sengkufaka indandatho
Nje
Ngyaz nizoth ngyaqhaskha

Saturday, January 13, 2018
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success