Xola Sthandwa Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Xola Sthandwa



eznsukwini ezdlule ngvakashelwe uthando langyisa esgcawini layongbonisa amaphupho eksasa lami nawe Dali
Ukuba nawe thando kungenze ngalahlekelwa engimcabangela ikusasa
Ukuhamba kwakho Cthandwa samaphupho kungenze ngabona uSathane unamandla isivunguvungu uDineo uqobo
Ushiye indlu yegagu ina eyezinyembezi
Makukhona iphutha engalenza xola sengizonyusa amasokisi
Ukdlala kwami kancane bengafanele uthi asihlabe ikhefu impela ngomzuzu wesbili sengyonyusa amasokisi
Ngiloba lenkondlo kwehla unyembezi olulodwa phela sengasala ngedwa kulezulu lo thando awsekho wena ngelosi yo thando
Mina bengfuna ukuchoma ngawe emphakathini
Emlazi olova bazbuze ngabe ku Mphathi zithini
Enhlizweni yakho bengzoba unozinti bengeke kungene zimfamona ezintini
Bese ngzokupha nendandatho ka Mama
Kodwa usujubalele ngokucimeza nje ngkhulekela uthando lwethu
Okungxakayo ungigabisele ngalo lothando lwakho
Ngathi sengqala ukulinambitha wangphuca
Ukulala kwami benglaliswa imfudumalo yakho Njomane ka Mphemba
Ayidle izishiyele ntokazi into ebizwa ngothando angsayaz bengiyqala ngawe
Ngyacela ukuthi ngiygcine ngawe
Iphupho lami ukuba nawe
Ngingasashadanga nawe kodwa ngife nawe
Nomdali uyongjezisa mangafikanga nawe
Nawe cela uke ungzwele
Mangabe angkuthandanga ngendlela obuyilindele
Indlela engkhule ngayo nami le
Phela asbhukudanga kwesifanayo isiziba okungcono masifundisane
Sisekane sbonisane amaphutha sbambisane
Ungthuse kakhulu musuthi asihlabe ikhefu ngoba ngyakthanda nje

Thursday, May 11, 2017
Topic(s) of this poem: love,sad
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Dedicated to my ex
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success