ekuseni bewu finqekile
okwesibhakela saMandla
manje sewuvuleke uthe nge
okwenhliziyo yentomb' ithand' isoka
iveze ezijulile izimfihlakalo belu
ithembele emuseni wesandla esifunayo
kodwa sibe singaz' ukuthi sifunelani
ungubuhle
ungumlingo
lapho sengithi nje kawuphili
unyakazile
wanginyakazisa ngokumangala komntwana
ebona kabusha
amacenjan' aphuzi aqhekezile
agcwalisa indawana yami
ngokuqhakaza kanye namakha
Oh! Iyashaya le nkondlo. You may like to rate my poem: Akavumi
Ngicela ningiphe ingqikithi yeMbali Kanye nengaphandle layo nengaphakathi
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
ngiyayithanda nale futhi imnandi.