Incwadi Eya Esokeni Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Incwadi Eya Esokeni

Uthe Mbhali wami obhala kahle knabobonke
ababhali
Sacela ungdlulisele uthando lwami kulo wakwami
Uthando lwakho selangphendula umtomdala
angsadlali
Isthombe sakho sichaza ubuwena kusasa
emshadweni
Iphimbo lakho inkosi unyazi
Nghlonipha owakupha ucelemba wokugawula
ezizweni bheka ngiyaziwela
Ngikthanda ngendlela engachazeki
Mangase ungvumele ngigide esfubeni sakho
Ngyathembisa nendondo ngaythola
Ngoba ngingaqiniseka ungangafuna muntu
oyolandela
Uyingelosi yokqala eyaziveza yona emathafeni
Abafokazana basala emthangaleni
Unyathela phansi ngizwe izigi
Ngifise engathi bonke bangabukela kuwe laba
Angqal ngawe ukjola
Kodwa ukuthanda kanje ngyasaba ngathi sekhona
okfakile ngingasashoke intando
Ngibambe ngesandla ungtshele sofa slahlane
Ngyathembisa ngeke ngnanaze ngzokbiza ngezulu
lami
Ngthembise umhlaba imvelo yakho yonke
ngzokugadela
Ngthembise noma ungasangishadanga kodwa
yongthanda kuze kfike ukufa
Ngthembise ukuthi
Ungthembise nokuthi
Inhliziyo yami islonda iyashesha ukthunukala
Ungayfanisa nenyanga ngoba bambalwa ababona
ukubaluleka kwayo
Ngthembise soze wanginyathela ngezinameva
angizmisele ukphuka inhliziyo
Uthando lwami ngawe iculo lkasonto skole
Nkulunkulu wabantwana gcina mina nesthandwa
sami
Uyi verse(vesi)engilfunda njalo masengzolala
Ngokthanda kuze kbuye amadada edamini ephuma
kodudana
Ngyathemba M'bhali wami omuhle isoka lami
lizoythola lencwadi efundekayo elotshwe izigi
zenhliziyo

Sunday, May 20, 2018
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success