Ingene Poem by Khabzyvee Mkhize

Ingene

INGENE
Isingene nina baka ndaba.
Cashisani izinkubela nezimpumputhe.
Ibutho nebutho nobhoko lwalo.
Wandindizela umhlaba.
Zindunduna yandisani
izinduku ezinde zodwa.
Zondo noZondi zimbi
izinto sezihuba sakusha.
Ezweni likaNdaba
kwazulazula amanqe. Iklwa lwahlubula
Usendo lwami lwashabalalisa
Uzalo kanti ngenzeni
Emzini wobaba mkhulu kwakhala
Impundulu kanti ubani umkunkulu

Emzini kababa kwakhala imbundulu,
kanti ubani umkhunkulu?

Ingene ingenele izingane ngoba zingazi
ngozungu ziluzwa ngendaba. Azinangebhe zingaka.
Zingenzwe inkanuko ziziba umzwangedwa.
Lomkhuleko awungankhi
lomkhuhlanene uyakhokhoba.
Lamakhehla akhetha ikhubalo.
Mina ngiyathuthumela kuhlwa emini
ubani ophehla lempehla.
Lapha emhlabeni
ingangamela ingene yagagula
ogogo ngamagama. Chabafanana
niyaganga amantombazana awaganile
nani aniganiwe, ngoba senigonana nodwa.
Goba gatsha logange olungangawe.

Ingene ingenele inzingane
ngoba zingazi ngozungu ziluzwa ngendaba
. Azinangebhe zingaka
zingenwe inkanuko zivika umzwangedwa

Zimbi naba bebubula bebona ubizo lwezidumbu,
nant ilumbo libulala ubuntu.
Obukabani lobubuthi obubhubhisaobubhubhisa
ibhungu libhekile?
Lempi eyezingwazi ngolwazi ngamazwi
azwakala ezweni kuhle kuka 'Zalanani nande'
sizwe samazulu nabezizwe lelizwelelizwe
lishabalala ngoba ninama nyala enyoka
ibulala umuntu ingamudli.

Ingene sonke sizobhubha
ngoba sihamba sibhabhalala
sibhebhethekisa ubhubhane,
singabhekile ngemigubho egubhuzele
ibhange lobubhungu obumsulwa
Ibhalwe ngu Cebo Mkhize imbongi yakokhabazela

READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success