Amaqele aluthwathwasana.
Izihlambi abakhwekazi.
Nokho izivunguvungu zithobile,
Nongqoqwane uphezile……
WuNcwaba, sekuthi ukufudumala.
Kufudumele okwezandla zamanina,
Zona zithunduzela umntwana athokoze,
Ziwotawota odabukile aduduzeke,
Zifukamela ababuswezi bathokomale.
Maqhawekazi akwelengabadi,
Ngikhetha ukunihlonipha ngokuzihlonipha,
Ngokuzihlonipha ngenhlinopho yobunina,
Ubunina bokuba ngonina besizwe,
Isizwe sikaPhunga noMageba.
Ngikhetha ukuthi mama,
Kunokukubiza ngo "ma-oledi'.
Ngikhetha ukuthi gogo,
Kunukukubiza nge "sgriza".
Ngikhethea ukuthi nkosazane,
Kunokukubiza ngowase "landani".
Ngikhetha ukuthi dadewethu,
Kunokukubiza nge "sester".
Ngoba uyiqhawekazi lami,
Iqhawekazi le-Africa.
Iqhawekazi lomhlaba wonke.
Kuwe zisine zazibethela
Izivavube zomhlaba.
Nezigilamkhuba zikunwephula,
Zihlukumeza inyama nomphefumulo wakho,
Kodwa zange wadikibala.
Ngikhetha ukukubiza ngenzalabantu,
Ngokusizalela izingqalabutho,
Izingqalabutho ezadlibhiza umbuso wobandlululo.
Ngikhetha ukukubiza ngeqhawekazi,
Iqhawekazi le-Africa.
Ngeqhaza owalibamba kuliwa nobandlululo.
Ngawe nami ngingumuntu,
Ngawe nathi singabantu,
Ngawe nabo bangabantu.
Nakusasa sisayohalalisa nxashana
Sikubona ugqishazela emathafeni
Nasemagqumeni ase-Africa.
Nemfudumalo soze yapheza,
Ngoba izandla zakho zintofontofo.
Amaqele aluthwathwasana,
Izihlambi ngabakhwekazi,
Izivunguvungu sezithobile,
Nombayiyane sewashabalala.
sikuNcwaba, inyanga yesibhuda.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem