Hlukanisani welcome mngomezulu


Indandatho - Poem by Hlukanisani welcome mngomezulu

INDANDATHO
NgekaNothando.
Ngeyekhethelo.
Ngumthwalo wothando.
Ngifumbethe indandatho enganamnini.
Ngentende yesandla sam' ngifumbethe
Ubukhazikhaz' bonyaz' bayaz' nofakaz'

Yeswele ozoyinakekela ayikhothamele.
Iwumphako wothando nomendo.
Ngethemba yithamsanqa lothando
Lomshado, noma yichilo lezimfihlo nezimfihlo.
Ngekamaqondana ozongithanda
Ngoluyinqaba.

Ngaphandle kok'nanasa nok'ngabaza
Ngeyes'phalaphala somhlaba.
Nginquma ugway' katiki ng'bafunge abakith'
Ng'yofika nanoma yinini ngangikin' ngizowola
Ubutshitshi ngibonge ngobunsizwa.

Indandatho emnwen'!
Uthando enhliziywen'!
Izinjongo emaphushen'!
Indoda nomfaz' emshadwen'


Comments about Indandatho by Hlukanisani welcome mngomezulu

  • Goodenough Sakhile(shotaromeo) Dlamini (5/17/2012 2:00:00 PM)


    mfan wami who is this girl...iam wondering...anyway this is dope man just contineou with your work this is what iam talking abouth the zulu poems will never die till you die... (Report) Reply

    0 person liked.
    0 person did not like.
Read all 1 comments »



Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?



Poem Submitted: Thursday, May 17, 2012



[Report Error]