Uzahara Poem by Hlukanisani welcome mngomezulu

Uzahara

UZahara
UZahara lona abathi mnyama.
Abanye bath'nguZakhala.
Bamgcona bem, biza ngamagama.
Bem'bhixa ngobubende inyama engayidlanga.
Segath' bayalibala ukuth' mina loZahara
Ng'yamthanda.

Bath' iZahara dessert ngoba engumjwaqu emehlwen' abo.
Bath'mubi sengath' uzokhala.
Beth' ngath' uzoth' kant' muphi umfana ozong'thanda
Ngibonge inhlanlha kubaba onamandla.
Kwabona laba abamgconayo bayamthanda ngomnyama.
Kodwa ngokukhanya kwempakama uyinhlaba yenhlamba
Phamb' kwamehlo abo.

UZahara noma engaba mnyama, nyama nambana
Kuhle kwe…njengoba bemchapha, bemchaza.
Kepha mina ngizimisele ngokumthatha nokumshada
Ngimenze umkam'
Abe yigugu lam' lokuqhakaza phakath'
Kwenhliziyo yam'

Bath' zazela zalala ezinhlanu zavuka
Zayibamba, ngingasasho usay'bamba.
Lezi zintombi ezinhlan', noZahara wayengomunye wazo.
Ngakho walala wasala mina sengizomshada loZahara
Abambiza ngoZakhala.

Ave ng'zotsaka, ng'zoqhafaza, ng'zopaqa ngaloZahara.
kang'khathal' noma benganyanya.
Kepha iqiniso lithi ave ngimthanda loZahara abamchapha
Ngenhlamba.
Abanye bath' ulithambo elinganamkantsha.
Kant' abanjan' laba abamthanda ngomnyama,
Iqiniso lith' ngizakumfamfatha
Ebese ngiyam'laxaza.
Uze uxole weZahara nam' bengixakwe
Yizinkanuko
Zenyama.

COMMENTS OF THE POEM

aw madoda u zahara la ukhiphe ikhono kwezolimi ndoda usebenze kancane ilike it keep it up bru

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success