Ngafelwa ngamathemba.
Ngafelwa ngunembeza.
Ngaphelelwa wukuzinakekela.
Kwashabalala izifiso
Namaphupho.
Ngalokho ngafelwa ngunembeza.
Ngempela sengiyisela.
Ngempela sengakhe abafelwa
Nabafelokaz'.
Kangaz'noma ngifakaze ngalabafelokaz'.
Yebo, ngingufakaz'ngokufa kwabafaz'
Ababengaz' ngegaz' engangilidinga.
Ngamfumana ngamphahlaza.
Ngamhlakaza, wakhathala,
Waphangalala emva kokukhala ngobaba
Nabantwana.
Yebo, ngingufakaz' oqanda ikhanda ngokufa
Kwalentokaz' eyayingaz' ngezinjongo zam'
Zegaz' labafelokaz'
Ngamdibha, ngamhlinza, ngamklinya.
Ngamfihla emva kokubalisa ngomfaz'
Nabantwanabakhe.
Yebo, ngingufakaz' ngokufa kwalensizwa eyayingaz'
Ngezinjongo zam'zegaz' labafelokaz'
Yebo, ngingufakaz' nos'yaz' ngokufa
Kwabaning' empin' yasemphakathin'
Ngalokho ngafelwa ngunembeza.
Ngingufakaz' kanembeza.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Ndiba nalo uchulumanco xa ndibona ukuphucuka kolwimi, ndiba nenkentse xa ndibona ubuhle nobumandi belwimi lenkobe, kuthi mandidyakadule ndiyokuziqengqa emaweni, ndiyabulela ngalombongo mhle kangaka ungabi sayeka mzukulwana kaMngomezulu The_African_Son