Yebo, sekwanelene Sizakele, sengenele, ng'phangalele.
Umphefumulo wam'usufudumele.
Intukuthelo sekulele kufelwe.
Igaz' lam' lokuphela sengilifumene.
Imithambo yobomi bam' isivuvukele.
Nhliziyo yam' ngivumele ukub'
Ngemukele uTholakele
Owayehlwithwe nguSizakele.
Umoya wam' uth'mangikwethembe ngomusa
Nothando lwakho, uze uphinde ungenzele, ungifezele.
Ungibuyisele obese kungidukele.
Uze uphind' ungiph' obese kungiphelele
Okwakwamhlaba bese kumthethe ngingalangazele.
Kwangemuka uTholakele, ngaphenduka ize leze.
Iwundlu lam' namuhla lifunyenwe emva kokushabalala kwamathemba.
Ngeswele amandla okubonga itham'sanqa elingivelele.
Yebo, bese ng'khathele, ngifelwe.
Namuhla usetholakele uTholakele.
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Kuhle ukwamkele xa wehlelwe yinyweba esandleni, kubalulekile ukuzicaphula apho uthe wakhanyelwa khona, kuhle nkosiyam, ubhale ungabisayeka, qinisela! The_African_Son